Kube nemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kuchazwa ukuthi kunabesilisa ababanjiwe ezweni elingomakhelwane abayamaniswa nokubulawa kwalowo owayengumculi wakuleli u- AKA kanye nomngani wakhe.
Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal u Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthi ingamampunge lemibiko ethi kunabalisa ababoshwe eSwatini ngecala lokubulala umculi wakuleli u-AKA. labalisa baboshelwe elinye icala lakwesinye isigameko sokubulala esenzeka eBerea eThekwini. Kuzokhumbuleka ukuthi lowo owayengumculi yena wabulawa eFlorida.
UMkhwanazi uthi amaphoyisa asebenzisana kanzima ukuphenya ngaloludaba ngakho uma konke sekuhlanganile babathola abathintekayo bayokwazi ukwazisa umndeni.