Kusuke igidigidi ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi uFacebook ngesikhathi umculi wegospel odumile uThinah Zungu ededela isithombe se-Album lakhe elisha elizophuma maduze nje.
Lensizwa eduma kakhulu kwezokuxhumana ngokuzichomela ngesitezi sayo somuzi kanokusho, ifake isithombe se-Album yayo entsha sha esihloko sithi, “Indumiso yaseSitezi.” UZungu ufake lesi sithombe maqede wabhala kanje:
Awu taaa daaa the cover is ready Music is ready next week Friday ngizoninika 1 Song then 8th March ngzoninika the whole album get ready ukubusiseka by indumiso yasestezi
Abalandeli bakhe abaningi bebemangala abanye bekhombisa ukujabula. Abanye ke bebenokudideka kwazise kuthi isihloko sale-Album ayisisona isihloko esejwayelekile sama-Album omculo wokholo. Abanye bebesho nokusho ukuthi lomculi uyazincokolela kwazise phela uZungu udume ngawo amancoko kulenkundla.
Omunye wabaculi beGospel obuye abe ngumngani kaThinah omkhulu uBetusile Mcinga, uvele wangena ebhayibhelini wayihlaziya indaba yesihloko sale-Album, wase encoma uThina Zungu ngobuciko kanye nokwambuleleka kwezikamoya,” KubaPhostoli, igumbi eliphezulu laba yindawo yokulungiselela inkonzo; indawo yokukhuleka; indawo ababengaba kuyo ngaphandle kweziphazamiso zezwe; indawo yokuhlangana okujulile noNkulunkulu. Lapho uMoya oNgcwele ekugcineni efika ngoSuku lwePhentekoste, igumbi eliphezulu laba yisibeletho seBandla; indawo yayo yokuzalwa.
Ey Thinah Zungu Ndiva amandla kulento yase Stezi Mnganam , it’s where Jesus had the last supper , even the book of Acts tell us that abo Peter no John were staying eStezi. Abasemoyeni ngeke basiqonde lesi sambulo oza noMfowethu,” Kubhala Umcinga.
Nebala uThinah ukuqinisekisile ukuthi leli akusilona elinye lamahlaya akhe, kodwa ngempela lesi yisihloko secwecwe lakhe elisha elizophuma ngomhla ka 8 KuMashi kuwo lonyaka.