Abanikazi bethaveni Enyobeni uSiyakhangela noVuyokazi Ndevu e-Eastern Cape balahlwe yicala lokudayisela izingane ezincane utshwala.
Laba bashadikazi bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-East London ngoLwesithathu, lapho bazobuya khona bazogwetshwa ngoLwesihlanu.
Inkantolo ithole ukuthi laba bashadikazi yibo abadayisela izingane ezisencane utshwala.
NgoJuni 2022, kwashona izingane ezingu-21 e-Enyobeni Tarvern ngesikhathi kunomcimbi wokubungaza ukuqeda ukubhala izivivinyo zesikole.
“Manje osekusele wukuqinisekisa ukuthi bathola isigwebo esinesijeziso esibafanele uma udaba luqhubeka ngoLwesihlanu. Lesi sigwebo sizokhombisa abanye abanikazi bamathaveni…ukuthi kufanele baqhube ibhizinisi labo ngokuzibophezela nangokucophelela futhi bengaphansi komthetho, ” kusho okhulumela iNational Prosecutions Authority uLuxolo Tyali.