Uhleka yedwa uNgizwe Mchunu, ngemuva kokuboshwa komkhulumeli we-EFF KwaZulu-Natal, uMazwi Blose, izolo. UBlose kuthiwa ubeyingxenye yamalungu nabalandeli be-EFF abahlasela uMchunu esithangamini nabezindaba ngenyanga edlule.
Ukuboshwa kukaBlose kuza ngemuva kokuthi uMchunu evule icala lokushaywa amadoda amathathu amhlasela eThekwini. Lesi sithangami bekumele sibe senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, kodwa sathuthelwe kwenye indawo ngesikhathi evinjwa amaphoyisa abehlome eyizingovolo ngesikhathi ezama ukungena enkundleni.
UMchunu wagcina ebambe lesi sithangami endaweni ehlukile nokusolakala ukuthi wahlaselwa amalungu e-EFF okubalwa kuwo noBlose. Kwi-video kubonakala amadoda engena esithangamini sakhe nabezindaba ngodli akhahlela amakhamera nemibhobho kwandiza amatafula. UMchunu ubonakala eziphindiselela ngokushaya ngempama omunye walamadoda amane agasele esithangamini. Kuphinde kubonakale omunye umlisa ekhipha okusacelemba esabisa ngokugenca uMchunu.
Konke lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uMchunu efunge wagomela ukuthi umholi we-EFF uJulius Malema akasoze alubeke eKZN ukuzokwethula umqulu wezethembiso wenhlangano yakhe eThekwini, obungoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. “Amaphoyisa abophe uMazwikayise Brian Blose (37) ngamacala okucekela phansi impahla nokweba okuthiwa wawenza ngomhlaka-23 Januwari 2024. Umsolwa usolwa ngokulimaza amakhamera, izihlalo netafula waphinde wathatha nomakhalekhukhwini. ngesikhathi sesigameko esenzeke ehhotela elisemgwaqeni u-K. E Masinga, eThekwini, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo wadedelwa ngesexwayiso kanti uzophinde avele enkantolo ngokuhamba kwesikhathi,” usho kanje.