UMbuso uyayiphikisa ibheyili ecaleni lomsolwa osolwa ngokubulala abantu abahlanu nokulimaza ababili esigamekweni sokudubula oThongathi, enyakatho yeTheku, ngonyaka odlule.
Amaphoyisa athi uSphelele Gumede kusolakala ukuthi waalalela uyendle iqulu labantu ngoMashi nyakenye walidubula..
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amadoda amabili adutshulwe ashona emotweni yawo kuGopallal Road maphakathi noThongathi.
Uthe abanye abathathu nabo badutshulwe buqamama. Laba bobathathu bebephelezela usihlalo wenhlangano yamatekisi. Abanye abantu ababili bathole amanxeba okudutshulwa, baphuthunyiswe esibhedlela.
“Amaphoyisa ophiko lweProvincial Taxi Violence Unit asebenze ngokuzikhandla ethungatha umsolwa kwathi ngoJanuwari 7 waboshwa endaweni yokucasha eManguzi,” kusho uNetshiunda.
UGumede uvele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam kanti isicelo sakhe sebheyili siyaphikiswa.
UNetshiunda uthe uGumede uzohlala esitokisini aze avele enkantolo ngoMashi 12.
Khonamanjalo, kuboshwe owesilisa, 32, ngecala lokugqekeza umuzi endaweni yaseMpusheni, eMbumbulu, eningizimu yeTheku.
U-Ayanda Siboniso Majola waboshwa eGqeberha ngoFebhuwari 6.
UNetshiunda uthe kusolakala ukuthi uMajola wangena kulo muzi ngoMashi nyakenye lapho afike wafuna khona imali nezimpahla zakhe.
Amaphoyisa athi umsolwa uphinde waphoqa abahlali ukuthi bakhiphe imali engaphezu kuka-R60 000 ebhange ngaphambi kokuba bahambe ngemoto yabo.
“UMajola uvele eNkantolo yesiFunda eMbumbulu kanti uzobuya ngoFebhuwari 14 lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.