Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe owesilisa (38) ongowokufika kuleli ngokuzenza iphoyisa phakathi kwamanye amacala.
Amaphoyisa aseBerea avule amacala okuzenza iphoyisa, elokutholakala nezidakamizwa kanye nokukhwabanisa kowokufika otholwe ne-rock cocaine nomazisi wamaphoyisa omkokotelo kuVause Road eMusgrave ngoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa abesenza umsebenzi wawo wokunqanda ubugebengu endaweni ngesikhathi ema asesha umsolwa.
“Ukuseshwa okwalandela lapho kwaba ilapho ehlala khona ku-Okleigh Drive kuholele ekutholakaleni kwezimvume zokudoba zomgunyathi, omazisi bamaphoyisa bomgunyathi, izimvume zokusebenza zomgunyathi, isigxivizo samaphoyisa kanye nezinhlamvu ezingu-15.
“Kushaqwe ikhompyutha nezinye izinto okukholakala ukuthi zasetshenziswa uma kukhiqizwa amaphepha omgunyathi ukuze kwenziwe uphenyo. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko,” kusho uNetshiunda.