Abafundi abahlulekayo ukuthola isilinganiso sezifundo ezingu-60% ngeke besaluthola usizo lwezezimali kusukela ngonyaka ozayo.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuqeqesha, uBlade Nzimande, obekhuluma nabezindaba mayelana nokulungela kwesikhwama esixhasa abafundi ngezimali iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) namanyuvesi njengoba kuqala isonto lokubhalisa amanyuvesi.
“Abafundi abaqhubekayo nabaqalayo ukungena emanyuvesi kumele bathole izinga lokuphasa ngo-60% ekupheleni konyaka wokufunda ka-2024 ukuze baxhaswe ezifundweni zonyaka wokuxhasa ngo-2025,” usho kanje.
“Abafundi bamakolishi e-TVET kumele bazi ukuthi umfundaze bangawuthola kuphela uma sebedlulela ezingeni elilandelayo lesitifiketi sikazwelonke uma bephase okungenani izifundo ezinhlanu ezingeni langaphambili lesitifiketi sikazwelonke.”
UNzimande uthe kuze kube yimanje, iNSFAS isithole izicelo ezingu-1,545,822 kusukela ngoJanuwari 21, kulo nyaka wokufunda. Kulaba abangu-657,703 ngabakwaSassa abathole uxhaso lwesikhashana. Uthe iNSFAS ilindele ukuthi kufakwe ezinye izicelo ngaphambi kokuvalwa komjikelezo wokufaka izicelo walo nyaka ngoJanuwari 31.
Lesi sikhwama sikweleta izigidi kwamanye amanyuvesi kanye nesikweletu esiqala ngo-2017. Sikweletwa nemali engaphezu kuka-R40bn ngabahlomuli bangaphambilini.
UNzimande uthe kulo nyaka wezimali, lolu hlelo selubuyise imali engaphezu kuka-R110m kanti ngosizo lweSpecial Investigating Unit (SIU), bathole izikweletu zenani lika-R4m kulabo ababehlomula.
“Kuze kube manje, i-SIU isithole izikweletu zenani elingaphezu kuka-R4m kubantu ngabanye kanye nengaphezu kuka-R38m ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngaphezu kwalokhu, i-SIU isibuyise imali engaphezu kuka-R58m ezikhungweni futhi lezi zimali zigcinwe e-SIU. I-NSFAS ne-SIU bamatasa nezinhlelo zokubuyisela lezi zimali,” usho kanje.
“Ngakho-ke ngifuna ukunxusa abafundi ukuthi beze ngaphambili futhi babalwe ngokwenza amalungiselelo adingekayo ukuze baqale noma baqhubeke nokukhokha ukuze bahloniphe imibandela yohlelo lwangaphambilini lokuboleka imali. Lokhu kuzoqinisekisa ukusimama kohlelo lwethu lokuboleka imali.”
Uthe nakuba ukubuyiswa kwempahla kuzinzile okwamanje, kuningi okungenziwa kule ndawo ukuze kwengezwe uxhaso olukhishwa njalo ngonyaka oluvela kuhulumeni uma le mali iba ngcono.
Ngaphandle kwezinselelo zayo, uxhaso lwe-NSFAS lukhulile lusuka ekukhipheni u-R21.4m ngo-1991 lwaya cishe kuma-R48bn ngo-2023.
NgoNovemba, ibamba le-CEO yalolu hlelo latshela ikomiti lezemfundo ephakeme ukuthi bangaphezu kuka-80 000 abafundi abazothinteka ngenxa yokwehliswa kwesabelomali ngo-10% nguMgcinimafa.
Okhulumela iNSFAS, u-Ishmael Mnisi, uthe ukuncishiswa kwesabelomali kuzoba nomthelela ekuthathweni kwabafundi balo nyaka.