Ngemuva kokuthi i-Ivory Coast inqobe i-Africa Cup of Nations ka-2023, kuye kwamenyezelwa abawine imiklomelo, kanti iBafana Bafana imuka nemiklomelo emibili.
U-Ronwen Williams waseNingizimu Afrika uqokwe njengonozinti woMqhudelwano ngemuva kokungenelwa amagoli amancane kunabo bonke onozinti kulomqhudelwano.
U-Stanley Nwabali ongunozinti weNigeria uyena obemise kabi uWilliams kulomqhudelwano kodwa amathemba akhe ashabalele ngesikhathi i-Ivory Coast ihlohla amagoli amabili kuye nkowamanqamu.
Umdlali wasemuva waseNigeria uWilliams Troost-Ekong uqokwe njengoMdlali Womqhudelwano ngemuva kokuhlohla amagoli amathathu kulo mqhudelwano, kwathi uSimon Adingra wase-Ivory Coast waqokwa njengomdlali Omncane Womqhudelwano.
U-Emilio Nsue uwine i-Golden Boot ngemuva kokuqeda umqhudelwano ngamagoli amahlanu e-Equatorial Guinea.
U-Emerse FaƩ, oqokwe kuphela ngemuva kokuthi uJean-Louis Gasset exoshwe ngemuva kwesigaba samaqoqo, uqokwe njengomqeqeshi woMqhudelwano ngemuva kokuqoqa amaphuzu amane kweyomkhumulajezi ne-Ivory Coast.
Ekugcineni, iBafana Bafana nayo ihambe nomklomelo we-Fair Play futhi yathola izindondo zayo zethusi phambi kwe-Stade Olympique egcwele phama u-Alassane Ouattara.