Sekungumlando omuhle ukuthi iqembu lesiswe lakulelili okuyi bafana bafana, likwazile ukuthi libuye kukhona elikuphethe esandlani njengoba osukwini lwayizolo bekwazile ukuthi benqobe ngenkathi bebhekene nezwe lase DRC.
Lomdlalo uphele kungekho ofuna ukugoba uphondo 0-0 kwaze kwadingeka ukuba kukhahlelwe ama penalty nalapho esinqobe khona ngo 6-5. Ukunqoba kwe Ningizimu Africa kusho ukubuya ekhaya nendodo ye Thusi kanjalo nesheke lesamba sika 47 000 000.
Unozinti we bafana bafana u Ronwan Williams kudingeke ukuthi aphinde enze ezakhe adume ngazo futhi zokusitakula Uma umkhumbi sewucwila, wenze njalo futhi osukwini lwayizolo kusihlwa wabamba ama penalty amabili.
Lona ngumphumela omuhle emlandweni we bafana njengoba labo shampeni bango 1996 bagcina ukwenza kangcono kanje ngonyaka 2000.
Uma kubhekwa indlela edlale ngayo ibafana kulomqhudelwano kuyabonakala ukukhanya phambili. Ibafana idlale imidlalo engu-7 kulomqhudelwano yakwazi ukushaya amagoli amahlanu base bengenelwa amathathu kuphela, kanti kudingeke ukuba bakhahlele ama penalty imidlalo emithathu ilandelana ukuze bagcine bethole lomphumele omuhle wokuba ngu number 3 kulomqhudelwano.
Namuhla kusihlwa kulindeleke ukuba bavele oshampeni abasha njengoba kuzobhekana osokhaya okuyi Ivory Coast Kanye ne Nigeria.
Umbuzo omkhuluke omile othi ingabe izwe lase Ivory Coast liyokwazi yini ukuthi lizibuyisele izinduku ezizithole kuyo Nigeria emdlalweni yama qoqo njengoba baguqa ngegoli elilodwa eqandeni,noma bayovumela izitha zabo ukuba ziba phinde bese ziphakamisa le ndebe Phambi kwezihlwele zabo Ihlandla lesine Uma begcina ngokuyinqoba noma bayakuphikisa konke lokho namuhla.
Uma kubhekwa indlela eqale ngayo Ivory Coast ayiqalanga neze kahle njengoba yaphuma ngebhobo yenaliti kwi midlalo yama qoqo njengoba bandlula benamaphuzu 3 nje kuphela nokwenza baxoshe Umqeqeshi wabo Kubambe isekela lakhe. Kanti endleleni yabo ebheke kuma finals bakwazile ukugudlula labo abebengoshampeni bale ndebe okuyi Senegal. Wonke amehlo aseyothi njo kuma bonakude nge hora leshumi kusihlwa.