Umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos uthi ukube kuya ngaye ngabe awudlalwa kwkakudlalwa umdlalo wokulwela indawo yesithathu kwi-Afcon ngoba awunasidingo.
INingizimu Afrika izovala kulomcintiswano we-Africa Cup of Nations ngomdlalo wokulwela indawo yesithathu neDR Congo e-Felix Houphouet Boigny Stadium ngoMgqibelo. UBroos uthi lomdlalo unganqunywa ukuthi yiliphi iqembu elivuke lazithintitatha emva kokuphoxeks ngokuphuma kowandulela owamanqamu ngoLwesithathu.
“Kuya ngokuthi yiliphi iqembu elizolulama kangcono,” kusho uBroos.
“Naku-DRC kube yisonto eliphoxayo. Uma ubuza iseluleko sami, lo mdlalo akumele udlalwe.
“Okubalulekile emqhudelwaneni ofana nalona wukuqeda unombolo 1. Inombolo yesibili noma yesine, ifana ncamashi, ingeyezibalo kuphela.”
UBroos wengeze ngokuthi angase enze izinguquko eziningi emdlalweni neDR Congo, iBafana esanda kuyishaya ngo 1-0 kowobungani muva nje ngoSepthemba odlule e-Orlando Stadium.
Umdlali wasemuva uGrant Kekana umisiwe ngemuva kwekhadi lakhe elibomvu bedlala neNigeria, kanti iBafana ibihlola abanye abadlali abathathu noma abane ukuthi bakulungele yini ukudlala, ngokusho kukaBroos, ngaphambi kokuthatha isinqumo ngeqembu labo elizoqala umdlalo.
IBafana ingase ikhathale ngenxa yemidlalo emibili ilandelana eye kumaphenathi emva kwesikhathi esengeziwe, ikakhulukazi uma kubhekwa umphumela ngoLwesithathu, lapho yehluleke yancama ukuthola indawo kowamanqamu.
“Ngiyethemba ukuthi abadlali bami bazobe sebekulungele ngokomqondo ukuthi baqale umdlalo njengoba bekwenzeka emidlalweni eyisithupha edlule. I-DRC nayo ibikhona kowandulela owamanqamu okusho ukuthi iyiqembu elihle.”