Iqembu lesiswe lakuleli labafana bebhola lezinyawo okuyi Bafana bafana aseshabalele amathemba alo okuthi babe ngomanqoba balendebe ye-Afcon eqhubeka ezweni lase Ivory Coast kulonyaka.
Lokhu kuza ngemva komphumela wayizolo kusihlwa ngenkathi bebhekene nezwe lase Nigeria kumdlalo wama semi finals okuqala lapho okunqobe khona izwe lase Nigeria ngo 4_2 Sekukhahlelwa amaphenathi.,Kanti Umdlalo ubuphele zibambene ngo 1_1 emizuzwini engu 120 bebhekene ekundleni.
Lomdlalo uqale kahle ngesiwombe sokuqala njengoba iningizimu Africa iwatholile amathuba kodwa yangawasebenzisa nakuba iqale ngokuba ngaphansi kwe ncindezi ebifakwa izitha zabo.
Ngesiwombe sesibili ibafana iqale yalandela ngemumva njengoba Nigeria ithole penalty yayivalela phakathi, kodwa yakwazi ukuthi ivuke izithathe ungakapheli Umdlalo njengoba kube neziwombe lapho kusale kukhexe imilomo njengoba isilomo Sabo okungu Victor Osimheni ubeselishayile igoli lesibili kodwa waphikiswa yi VAR kodwa yakhetha ukunika iningizimu Africa penalty okuyi yona ebabuyise emdlalweni njengoba enze isiqinisekiso umdlali wase siswini Teboho Mokoena ukuthi uyivalela phakathi.
Nakuba zibakhalele Abafana baka Hugo Bross osukwini lwayizolo kodwa yena njengomqeqeshi weqembu uzishaya isifuba uthi ujabule ngendlela Abafana bakhe abadlale ngayo ayi osukwini lwayizolo nje kuphela kodwa kumqhudelwano Wonkana.
Uthe baye kuleliyazwe bengabhekiwe sidalo ukuthi bengakwazi ukwenza kancono, kodwa bakwazi ukuphuma emzuliswaneni wamaqoqo benza kahle emdlalweni wabo ne Morocco Kanye ne Cape Verde kwi midlalo ye Quater finals Kanye neka last 16 Nakhona futhi badlula bengabhekwe umuntu.
uBros uqhube wathi umsebenzi awukapheli njengoba kusamele baphinde babhekane nezwe lase DRC kumdlalo wokubanga indondo yethusi njengoba bona beshaywe ngegoli elilodwa eqandeni ku mdlalo we semi final ye sibili.
Imidlalo esele kulomqhudelwano imi kanje.
South Africa vs DRC 22:00 (Suturday 09.02.24)
Cote D Ivory vs Nigeria 22:00(Sunday 10.02 24 )