Zethuswe ukuzamazama komhlaba izakhamizi zaseSoweto egoli izolo kusihlwa. Inhlangano iCouncil for Geoscience iqinisekisile ukuthi ukuzamazama komhlaba kuhlasele izindawo eziningi eGauteng ebusuku.
Okhulumela lenhlangano uMahlatse Mononela utshele abezindaba ukuthi ukuzamazama komhlaba kwenzeke ngoLwesibili ngezithuba zabo-8:54 ebusuku.
“Imiphumela yokuqala ikhombisa ukuthi ukuzamazama komhlaba kulinganiselwa ku-3.4 magnitude, njengoba kuqoshwe iSouth African Seismograph Network (SANSN). Isibhicongo besiseningizimu neGoli, eSoweto.”
Phambilini, iVolcano Discovery, ithe ukuzamazama komhlaba okunesisindo esincane esingu-3.5 magnitude kugasele ebangeni elingu-50 km ukusuka eRustenburg, eNorth West.
“Ukuzamazama komhlaba bekunokujula okungashoni kakhulu okungamakhilomitha ayishumi futhi kuzwakale kabanzi endaweni yawSoweto. Ukujula okungashoni kokuzamazama kubangele ukuthi kuzwakale ngamandla eduze nendawo eqale kuyo kunokuzamazama okujulile okufana nalokhu,” kusho yena.