Imeya kaMaspala i-Alfred Duma uKhansela Zama Sibisi ikhiphe isimemezelo sokumema bonke abalandeli bebhola abakhele lomaspala embukisweni womdlalo weBafana Bafana obhekwe ngabomvu namuhla. Lombukiso uzobe ukhonjiswa ngohlelo olwaziwa ngokuthi yiPublic Screen Viewing , nokuyilapho kuvulwa khona inkunzimalanga yomabonakude ukuze kubuke wonke umuntu osuke ekhona. Loluhlelo luzoba se-Indoor Sport Centre kusuka ngo 7 ntambama.
Umculi kaMaskandi oshisa izikhotha kulezi zinsuku odabuka khona lapha eMnambithi uMenzi Mabizela uzobe enandisa ngezingoma zakhe ezimnandi.
Ikhasi likaFacebook lehhovisi leMeya likhiphe lesi simemezelo nje, intaka ibekelwe amazolo emdlalweni weqembu lesizwe lakuleli lebhola lezinyawo iBafana Bafana kanye nezimbangi zayo ezindala iNigeria. Lomdlalo ubaluleke kakhulu ngoba ungumdlalo owandulela owamanqamu emqhudelwaneni omkhulukazi ezwenikazi lase-Africa i-Africa Cup Of Nations ebanjelwe ezweni lase-Ivory Coast.
Isitatimende sibhaleke kanje:
UMeya womkhandlu Alfred Duma Local Municipality uCllr Zama Sibisi umema umphakathi ukuba ubeyinxenye yokweseka iBafana Bafana emdlalweni lapho iyobe itholana phezulu neNigeria.
Izinhlelo zokubukwa komdlalo zimikanje:
Ngolwesithathu ntambama, 19:00pm
Mhlaka 07 February 2024
Indawo: Indoor Sports Centre, Ladysmith.
Sikhuthaza ubumbano ukuzwana nokuhlanganyela sibemunye siphinde sisekane ngokwemidlalo
Niphumelele ngobuningi benu.
#alfreddumamunicipality Sethembe Sisebenzela Wena ngobuqotho nangokuzinikela