UMDLALI webhola osewathatha umhlalaphansi uDoctor ’16V’ Khumalo ubophe ifindo likasofasilahlane nesithandwa sakhe seminyaka ngempelasonto edlule. Laba bashade emcimbini wesintu obuhanjelwe abangani nomndeni emzini wabazali bakwaKhumalo eSpruitview e-East Rand. Lo mshado ubulokhu ungaziwa kanti uze wagqama ngesikhathi kuvela izithombe ezimbalwa zabo ezinkundleni zokuxhumana.
Umthombo osondelene nalezi zithandani uthi bekumnandi kulomshado. “Ababehambele umshado bebengavunyelwe ukuthatha izithombe zabashadikazi emcimbini ukuze bagweme abezindaba,” kwengeza umthombo.
Ngokusho komthombo, unkosikazi omusha ka-16V uqanjwe abasekhweni lakhe uNomasonto. Akukho okuningi okwaziwayo ngonkosikazi omusha kaKhumalo. “Esikwaziyo nje ukuthi ungusomabhizinisi futhi ungumuntu osiza abantulayo. Muhle futhi uhlakaniphile ngiyathola ukuthi kungani uDokotela amthanda. ,” kunezela umthombo. Laba bashadikazi sebeneminyaka bendawonye kanti kuthiwa umshado wabo ubulindelwe ngabomvu ngabangani babo nabasondelene nabo.
UKhumalo wayeshade noBlanche Garises abanendodana eyodwa naye bahlukanisa ngo-2015 ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili beshadile. Engxoxweni nabezindaba ngo-2015, uBlanche wathi akazange ajabule kusukela ngosuku lokuqala ngoba uKhumalo wayengavumi ukuthi abazali bakhe bamvakashele endlini, “Ngazizwa nginesizungu futhi ngiphatheke kabi. Akekho phakathi kwethu owayekhohlisa omunye kodwa ngangifana nesiboshwa emshadweni. Bengingelutho ngaphandle kokwethembeka kuDoctor. Uthando lwethu lwavele lwashona phansi,” usho kanje.
UKhumalo othathwa njengomunye wabadlali bebhola abahamba phambili asebake badlalela iNingizimu Afrika ubelokhu egcina impilo yakhe yangasese ingabonwa umphakathi. UKhumalo wenqabile ukuphawula.