Abathokozile neze abasubathi ngezinga lomjaho waminyaka yonke iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon ebibanjelwe edolobheni uMnambithi izolo. Lemijaho ihambisana namadili omculo ehlukahlukeni.
Lomjaho oheha abasubathi abasuka kulo lonke elakuleli ubukade ususingathwa okwesibili kulonyaka njengoba uqale ngonyaka owedlule. Lomncintiswano okuhloswe ngawo ukuhlonipha iqhawe lomculo wesicathamiya elidabuka khona kulelidolobha UProffesor Joseph Shabalala weLadysmith Black Mambazo uhlukana izigaba ezine okuwu 41km, u20km, u10km kanye no 5km.

Iningi labasubathi abebeyinxenye yalomjaho kulonyaka bazwakalise ukungenami ngokwehla kwezinga lawo kulonyaka,”mfwethu mina ngiphoxeke kakhulu ngezinga lalomjaho kulonyaka, angiboni ukuthi kuhleleke kahle. Indlela ebekumakwe ngayo izindawo okujikwa kuzona uma usubatha bezingacacile, futhi nomgwaqo ubungavaliwe. Noma ebekhona amaphoyisa abeqaphile kodwa kunzima kabi ukusubatha ube uqalaza izimoto.” kubeko omunye umsubathi.
Omunye ukhale ngokungahleleki lapho kushawa khona intambo, ” akufananga nhobo nangonyaka owedlule, ibingekho indlela yokubona ukuthi ubani onqobile nokuthi wenze isikhathi esingakanani. Uhlelo lwezindondo nalo belunesidididi ongasiqondi nje. Siphoxekile impela, asethembe ngonyaka ozayo bazokwenza okuncono kakhulu”