Ukudunwa kwezimoto kuyiqiniso elidabukisayo elibhekene nabanikazi bezimoto bakuleli nsukuzonke. IFidelity Services Group ixwayise ngokuthi kungase kunyuke izinga lokudunwa kwezimoto kusukela ngoJanuwari kuya kuFebhuwari, njengoba kunesidingo esikhulu sezimoto ezifana neToyota, Volkswagen, Ford neNissan.
Izinhlobo zezimoto ezisengcupheni kakhulu njengamanje iToyota Fortuner (GD-6 neD-4D), Toyota Hilux (GD-6 neD-4D), Toyota Corolla Cross, Toyota Rav4, Volkswagen Polo, Nissan NP200, kanye Ford Ranger.
Isikhulu sakwaFidelity u-Wahl Bartmann sichaza ukuthi abaduni baduna izimoto ezithize ngezinhloso ezithile nezimakethe ezehlukene.
Cishe u-30% wazo zonke izimoto ezebiwe neziduniwe ziweliswa umngcele ziyiswe emazweni angomakhelwane. Ukuthunjwa kwezisulu kusalokhu kuwumkhuba okhathazayo njengoba izigebengu zisebenzisa leli qhinga ukuze ziphenye ukuthi ukuphi umshini wokuthungatha nokubambezela ukubika lobu bubugebengu.
U-Bartmann weluleka abashayeli bezimoto ukuthi bangalwi ngesikhathi sokudunwa, njengoba abenzi bobubi bahlale behlomile futhi ngeke bangabaze ukudubula uma bebhekene.