bahlomule ngezicathula ezingaphezu kwamashumi amahlanu(50) abafundi base sikolweni i-Morningside Primary School endaweni yakwaSthole e Dundee.
Labafundi bahlonzwe isikole njengoba ukhansela welandawa uThabo Ngcobo edlulise lomnikelo kuthishanhlonko wesikole uNkk. Gwebu.
UNgcobo uthi iwadi lakhe linezindawo eziningi zasemakhaya lapho ububha budla lubi khona. Uveze ukuthi kube yinjabulo enkulu kuye ukuthi akwazi ukupha abantwana izicathulo.
“Bafwethu ngicela osomabhizinisi noma ngubani nje ongasilekelela ngayoyonke indlela ukuthi abamtwana bathole imfundo enesithunzi, kuyintokozo kimi ukubona abamtwana bekukhuthalele ukuya esikoleni noma kunezingqinamba zempilo.” uNgcobo.
Kanti uthishanhloko wesikole uGwebu uthi umnikelo owenziwe ukhansela uNgcobo uzokwenza umehluko omkhulu kubantwana. Uthi besebona ukuthi kunabantwana abesebehamba ngezicathulo ezingekho esimeni esihle.
UGwebu ubonge kakhulu ku-khansela wathi uyafisa ukuthi noma ubani angasondela nosizo analo esikolweni IMorningside Primary.