U-Evidence Makgopa noTeboho Mokoena bashaye amagoli esiwombeni sesibili iNingizimu Afrika ishaqisa iMorocco inqoba ngo 2-0 ku-Africa Cup of Nations esigabeni se-last 16 eSan Pedro ngoLwesibili.
I-Morocco, ibiphakathi kwezintandokazi kulo mqhudelwano obanjelwe e-Ivory Coast, kodwa isiqalekiso sayo sakulelizwekazi sisaqhubeka futhi ihlezi ingenaso isicoco se-Cup of Nations kusukela ngo-1976, kulokhu imiswe yizwe ebekungalindelekile ukuthi likwenze lokho okuyiNingizimu Africa.

I-South Africa ihambe phambili ngomzuzu ka-57 ngesikhathi umdlali wasesiswini uThemba Zwane, ojwayele ukwenza izinto ngendlela ehlukile, ephasela ibhola elihle umgadli obeneshobolo lokungabhakuzisi inethi kulemidlalo uMakgopa oqinisekise ukuthi uyalivalela phakathi, ngaphambi kokuthi uMokoena ashaye phakathi i-free kick emaphethelweni omdlalo.
IMorocco ithole ithuba lokulinganisa amaphuzu ngesikhathi ithola iphenathi, kodwa u-Achraf Hakimi wakha amabhilidi washaya i-crossbar.
INingizimu Afrika izodlala neCape Verde kowamanqamu eYamoussoukro ngoMgqibelo.