Inzima impilo kuSthembile Phungula (24) wase Bergville eRockdale eZwelisha njengoba efihle ikhanda emzini womuntu ngemuva kokuthi uRondo abehlala kuwo nomtwana wakhe lasha langqongqa mhla zilishumi nambili kwephezulu.
Iphephandaba lomphakathi UThukela News laziswe ngaloludaba labe selimthinta ube esesililandisa ethi “ ngomhlaka 12 January ngangisaphumile nokwathi mangibuya ngafika sekusha endlini ngiyasola inkinga kwaba isigubhu sikagesi” ebuzwa ngokuthi uhlala kuphi wathi” kunomuzi ogadwe ngomunye usisi owathi uma ezwa ngesimo sakhe wabe esethi akeze ezocupha naye njengoba abanikazi bomuzi behlala kude”
UMaphungula uthi into emphatha kabi manje abanikazi bomuzi kabazi ngokuhlala kwakhe kulomuzi futhi uzwe kuthiwa bengafika noma kunini ngoba kukhona abazokulungisa ngakhoke ucela usizo emphakathini kongamsiza bamakhele indlu ezokuba nekhaya njengoba angeke akwazi ukuzakhela ngoba ephila ngemali yesibonelelo somtwana nabazali kasenabo .