iNyuvesi yaKwaZulu-Natali isiyengeze izifundo zawo wonke umfundi eziqwashisa ngodlame lobulili kanye nokucwasa ngokwebala. Lesi sikhungo sithi inhloso ye-Innovative Critical Social Justice and Citizenship Module, eyethulwa kuleli sonto, yenzelwe ukusiza ukuguqula isimo sengqondo kanye nokubhekana nokungabi nabulungiswa okuqhubekayo komphakathi.
IPhini likaSekelashansela wezokuFundisa nokuFunda uThabo Msibi uthi izifundo zaqalwa ngonyaka odlule ukuze kubhekwane nezinga eliphezulu lezehlakalo ze-GBV ezweni, “ngakho-ke abafundi bazofundiswa ngezindaba zobuhlanga, bazofundiswa ngezindaba zobulili, izindaba zocansi, izindaba zamandla, ukucwasa, ukuhlonza kanye nepolitiki ebanzi yokubheka umehluko emphakathini.”
Lesi sifundo sizoqale sihlolwe eCollege of Humanities ngaphambi kokuba iqaliswe.