UMike Makaab, oyi-ejenti ka-Andile Jali, ukuqinisekisile ukuthi u-Andile Jali naye usexoshiwe kuMoroka Swallows.
ISwallows ike yaba sematheni muva nje ngenxa yezinkinga eziningi zangaphandle kwenkundla. IZinyoni zaseDube azizange ziyidlale imidlalo yazo emibili yokugcina yeDStv Premiership ngoDisemba ngemuva kokuba abadlali betelekile ngenxa yokungaholi, futhi sebejeziswe yiPSL DC ngalolu daba.
Bahlawuliswe u-R1 million, kwalengiswa u-R600 000 kwathi imidlalo yathathwa njengedlaliwe kanti izimbangi zabo iMamelodi Sundowns Golden Arrows zathola amaphuzu amathathu zanqoba ngo 3-0.
Emasontweni amabili edlule, kwavela ukuthi abadlali abangu-22 baxoshwa yiqembu ngemuva kokuqondiswa kwezigwegwe futhi bavele phambi kwe-DC yangaphakathi.
NgoMsombuluko, uMakaab ukuqinisekisile kwiGagasi FM ukuthi uJali naye uxoshiwe yiqembu, kodwa inhlangano yakhe iPro Sport iyasiphikisa lesi sinqumo.
UJali ujoyine iSwallows ngaphambi kwesizini, nokuyinto ebithakazelelwa yinqwaba yabantu futhi yathathwa njengentsha yeZinyoni zakwaDube, obekubonakala sengathi zike zazamazama kudala izinkinga zemali.
Kuphinde kwaba nokuhlangana kukaJali noSteve Komphela ngemuva kwesikhathi sabo bobabili beMamelodi Sundowns. Enkundleni izinto bezihamba kahle njengoba iSwallows ibambana engxenyeni ephezulu yetafula kodwa kulandela ukungawini emidlalweni emihlanu edlule nokuhlulwa kabili kuyona, yehlele endaweni ka-11 ku-log.