Owayeyimenenja yezabasebenzi (HR) kanye nomlawuli weSuperspar e-Eastern Cape uvele eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton ngamacala amaningi okukhwabanisa, ukushushumbisa imali kanye nokwephula iSigaba 4 soMthetho Wokuvimbela Ubugebengu Obuhleliwe.
UThobeka Dyam, 38, ubengumphathi wakwa-HR nomlawuli eDaku Superspar Kwazakhele eGqeberha.
UDyan uboshwe amalungu ethimba le-Directorate for Priority Crime Investigation’s (ephinde yaziwe ngokuthi oKlebe) iSerious Commercial Crime Investigation elizinze eGqeberha ngoLwesithathu, Januwari 24.
Okhulumela oKlebe esifundazweni, uLieutenant Colonel Avele Fumba, uthe lezi zigameko zenzeka phakathi kukaFebhuwari 2015 noJulayi 2019.
UFumba uthe kusolakala ukuthi uDyam wayezikhandela izisebenzi eziyizipoki ngokuhambisa izisebenzi ezingamanga ehhovisi elikhokhelayo ezingasaqashiwe kwaDaku Super Spar.
“Udaba lwabe seludluliselwa eGqeberha Serious Commercial Crime Investigation Team ukuze liqhubeke nophenyo. Ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwa oKlebe, kwatholakala ukuthi uDyam ubesebenzisa izinombolo ze-akhawunti yakhe nomfowabo ngaphandle kokwazi komfowabo,” kusho uFumba.
Le nkampani kuthiwa ilahlekelwe kakhulu njengoba ilinganiselwa ku-R592,000 imali eyantshontshwa uDyam.
UFumba uthe uDyam uvelile enkantolo esanda kuboshwa wadedelwa ngesexwayiso.
Icala lihlehliselwe uJanuwari 31, 2024, kanti kulindeleke ukuthi lidluliselwe eNkantolo Yamacala Ezohwebo eSpecialized Commercial Crimes eGqeberha.
Inhloko yoKlebe esifundazweni, uMajor General Mboiki Obed Ngwenya, uncome imizamo emihle yethimba labaphenyi ngokubambisana neNational Prosecuting Authority (NPA).