UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, wethule ePhalamende umgomo womnyango wakhe mayelana nokuvimbela nokulawulwa kokukhulelwa kwabafundi ezikoleni.
Lokhu kuhlaluke ngemuva kokuthi uSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula edlulisele lo mqulu wenqubomgomo ekomitini lezemfundo eyisiSekelo ukuze licutshungulwe.
UNkk Motshekga uthe lo mqulu wenqubomgomo wakhiwe wumnyango wakhe ngoxhaso lwezezimali nezobuchwepheshe oluvela kwi-UN Educational, Scientific and Cultural Organisation (Unesco).
Uthe lo mgomo uhlose ukunciphisa kanye nokulawula izehlakalo zokukhulelwa kwabafundi kanye nomthelela wako omubi kubafundi abathintekayo futhi, ngokubanzi, nasohlelweni lwemfundo eyisisekelo.
Lo mbhalo wenqubomgomo uhambisana nesibalo esiphezulu samantombazane akhulelwayo, amantombazane ayi-156 000 abikwa ekhulelwe ngo-2021-2022, asuka kwamantombazane ayi-126 000 aqoshwe ngonyaka wezimali odlule.
Emgomeni wawo obuyekeziwe, uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthe izinga lokukhulelwa kwabafundi eNingizimu Afrika seliphenduke inselelo enkulu ekuthuthukisweni kwezwe kanye nohlelo lweMfundo eyisiSekelo.
“Lo mgomo uhlinzeka ngomhlahlandlela mayelana nokuncishiswa kokukhulelwa okungahlosiwe, ukuphathwa kwemiphumela yako ngaphambi nangemuva kokubeletha, ukunciphisa ukucwaswa okuhambisana nokucwaswa kwabafundi abathintekile futhi, okubalulekile, ukugcinwa nokubhaliswa kabusha kwabafundi abathintekayo esikoleni.
“Ngaphezu kwalokho, lo mgomo usekelwe ohlelweni lokuqeda ukungalingani ngokobulili kwezemfundo,” ufunda lo mbhalo.
Umnyango uthe le nqubomgomo ihlose ukuqinisekisa ukutholakala kolwazi mayelana nokuvikela, ukunakekelwa, ukwelulekwa nokwesekwa, izinhlaka zokunciphisa umthelela, nemihlahlandlela yokuphathwa ngendlela ehlelekile nokusetshenziswa kwayo.
“Ibophezela i-DBE nabanye ababambiqhaza ekuhlinzekeni ngemfundo ebanzi ngezocansi njengengxenye ebalulekile yezifundo zesikole ukuze kuvikelwe amalungelo abafundi ocansi nokuzala.”
Umqulu wenqubomgomo uthi uqinisekisa ilungelo lomfundi okhulelwe lokuqhubeka nesikole ngesikhathi ekhulelwe futhi abuye ngokushesha ngemva kokubeletha njengoba kufaneleka kumfundi nengane yakhe.
“Ngasohlangothini lwaso isikole sidinga ukwamukela umfundi ngendlela efanele ukuze kuqinisekiswe ukuthi ilungelo lakhe lokufunda aliphazanyiswa noma liqedwe ukukhulelwa noma ukuzalwa kwengane yakhe.”
Iphinde yathi isikole, umndeni kanye nomphakathi wonkana banesibopho sokuqinisekisa ukuthi umfundi othintekayo uyaqhubeka nemfundo nokweseka ngemuva kokukhulelwa.
“Ngenxa yalezi zizathu, akuvumelekile ukuxoshwa noma ukukhishwa kwabafundi abakhulelwe esikoleni.”
Yathi okucatshangelwayo ukuthi umgomo uyabona ukuthi abafundi abaningi bakhulelwa ngenxa yokuya ocansini bevumelene kodwa, ngokufanayo, ukukhulelwa kwabafundi abaningi kwenzeka ngenxa yocansi ngaphandle kwemvumelwano.
“Ingane eneminyaka ephakathi kuka-12 no-16 ingavuma, kodwa uma imvume inikezwa umuntu oneminyaka engu-18 noma ngaphezulu, ingane inecala lokudlwengula ngokusemthethweni.
“Uthisha akumele nakancane aye ocansini nomfundi, kungakhathalekile ukuthi umfundi oneminyaka engu-16 nangaphezulu unemvume, ngoba lokhu akuvumelekile kokuziphatha kothisha.”
Umnyango uthe uzoqinisekisa ukuthi ukubambisana nababambe iqhaza ababalulekile emkhakheni wezenhlalakahle kuyavikela, kweseke futhi kuqhubekisele phambili izimfuno zabafundi abakhulelwe.
Izophinde futhi isungule ikomidi elincane lokuvimbela nokuphathwa kokukhulelwa kwabafundi ukuze liqondise futhi lididiyele inqubekelaphambili kanye nokubika ngokusetshenziswa kwalo mgomo kanye nokufezwa kwezinjongo zayo.