Umphakathi wasendaweni yaseSahlumbe kuWard 37 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma bagasele emahhovisi akwa-Eskom bephethe izingubo zokulala bathi bazimisele ukulala emahhovisi akhona kuze kube bayalungiselwa umshini odonsa amanzi endaweni yabo.

Lamalungu omphakathi aqale agasela emahhovisi omkhandlu uThukela beyokhala ngokuntula amanzi abathi sekuphele iminyaka emibili bengenawo. Othukela batshelewe ukuthi inkinga iku-Eskom okuwuyena okumele alungise umshini odonsa amanzi okuthiwa usunesikhathi ufile.
Lezi zakhamizi zithi angeke zize zihambe kulamahhovisi kuze kube bayalungiselwa amanzi ngoba kunzima akuphileki ngaphandle kwamanzi,”Siphuza nezinkomo amanzi angcolile. Abanye bethu baze banezifo zesikhumba ngoba bageza ngawo lamanzi,” kuchaza esinye isakhamuzi.