Ibe nezithelo ezinhle emphakathini wase Nquthu inkonzo ebeyihlelwe umkhandlu wase Mzinyathi, lenkonzo ibizokhulekela uzinzo, ukuthula, kanye nokubambisana eNdlunkulu kanjalo kanye nasezizweni sonke.
Umkhuleko ubanjelwe eNtabeni iSandlwana ngaphansi kwamasipala waseNquthu. Kanti
lomkhuleko uhanjelwe Abantwana baseNdlunkulu, Ubukhosi bakwaNgwane eSwatini, Amakhosi aseNdlunkulu iziMeya naMakhasela, abefundisi kanye namabandla ngokwehlukana kwawo.
Lomkhuleko wendlalela umngubho waminyaka yonke wempi yase Sandlwane kanti kuzobekubungazwe iminyaka eyikhulu namashumi amane nanhlanu (145) impi yamangisi no Zulu yatholana phezulu kule ntaba yase Sandlwane eNquthu.

Lomngubho uzobe ukulempelasonto esiya kuyo nge Sabatha.
Umeya kamaspala waseNquthu ukhansela Innocent Lindokuhle Shabalala uthi ayikho into emjabulisa njengokubona abantu base Nquthu bephume ngobuningi babo bezo singatha umkhuleko wanamahla.
Khona manjalo uMeya womkh
andlu uMzunyathi Ald Petros Ngubane uthi ibutho lika Zulu aliphume ngothi lwalo ngeSabatha lize kulomgubho weMpi yase Sandlwane ngoba usho lukhulu kumlando kwaZulu.