Uphenyo olwenziwe wuMnyango Wezokumbiwa phansi kanye naMandla seluthole ukuthi amagalaji angu-70 kaphethiloli ezweni lonke adayisela amakhasimende udizili ongekho ezingeni lokuthengiswa.
Lodizili okuthiwa uhlanganiswa noParaffin bese uyathingiswa, ubiza inani eliphansi kakhulu.
UNgqongqoshe Wezimbiwa kanye Nezamandla, uGwede Mantashe, ngesikhathi ehleli ePhalamende ngo-2022, waveza ukuthi udizili uyanda emagalaji kaphethiloli nakuba ingekho imininingwane yawo ukuthi uphumaphi.
INews24 iputshuze ukuthi phakathi kuka-Ephreli noDisemba 2023, amagalaji angu-70 atholakala edayisa udizili womgunyathi.
Umnyango wezimbiwa waphenya amasampula kadizili oqoqwe emagalaji amaningi ehlukahlukene kuleli ngenhloso yokuthola ukujula kwalomkhuba.
Ubuzwa umnyango wezamandla nezimbiwa kuleli ukuthi ngabe uphenyo luhamba kanjeni, uthe, “Umnyango uthole amasampula kadizili angama-70 abhuntshile futhi wakhipha nezaziso zokungalandeli umthetho phakathi no-Ephreli 2023 kwaze kwaba uDisemba 2023. Amasampula ahlulekile akhombisa ukumoshwa kukadizili nopharafini.”
Ubuzwa ukuthi ngabe akhona yini amacala obugebengu avuliwe, uMnyango uthe ulandele inqubo ebekiwe yokubhekana nokungalandelwa kwemithetho, “okuhlanganisa nokubikela abakwaSARS ngeziteshi ezingahambisani nomthetho ngoba ukunukubezwa kukaphethiloli udizili kuwuhlobo lokubalekela intela.
Nazi izibalo zamagalaji kaphethiloli atholwe nodizili womgunyathi:
iMpumalanga – 9;
eLimpopo – 15;
eNyakatho Ntshonalanga – 13;
KwaZulu-Natal – 13;
Gauteng – 5;
Western Cape – 4;
I-Free State – 4;
Eastern Cape – 1; futhi
INorthern Cape – 6
Okhulumela i-AA uLayton Beard uxwayise ukuxuba amafutha kuyingozi futhi kungadala izinkinga ezinkulu ezimotweni.
Izimoto zenzelwe uphethiloli othize, ukushintsha lokhu kuzoba nomthelela omubi esikhathini eside,” usho kanje.