Abafundi beBanga leshumi nambili bathole izinga lokuphasa lika-82.9%.
USolwazi Vimolan Mudaly wase-UKZN uthi kuyakhathaza ukuthi bangu-40% kuphela abafundi abathole i-bachelor’s pass.
“Ngicabange nje ukuthi ngizoxwayisa ngokuthi singawagubhi ngenjabulo la mazinga okuphasa. Kufanele siphenye ukuthi la mazinga okuphasa asho ukuthini ngempela.”
“Kufanele sibone umehluko omkhulu futhi empeleni kufanele sibone izingane eziningi zifika enyuvesi ukuze zithole iziqu zezibalo, zesayensi nezobuchwepheshe.”
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN utuse abafundi bakamatikuletsheni ngokwenza ngcono izinga lokuphasa
UMudaly weluleke abafuna ukuqhubeka nokufunda ukuthi bakhethe izifundo zabo ngobuhlakani.
“Ungajahi kunoma yisiphi isifundo, iziqu, idiploma, khetha ngobuhlakani futhi usebenze kanzima kunakuqala ngoba imfundo yasesikoleni inzima futhi yilabo abaphikelelayo kuphela abazothola umvuzo. Esikoleni izingane zethu zazifunzwa ngesipuni.”