Umaspala wese Nquthu, umkhandlu uMzinyathi kanjalo nendlunkulu kaZulu bahlele umkhuleko wamabutho ozoba sentabeni iSandlane ngomsombuluko.
Umeya kamaspala waseNquthu ukhansela Innocent Lindokuhle Shabalala uthi inhloso yalomkhuleko ukucela izinyandezulu zivekele isizwe sikaZulu, ukubulawa kwamaKhosi neziNduna,kanye neNdlunkulu kaZulu.
uMshengu uthi bacela wonke amaButho ukuthi azilele lomkhuleko.
Kanti uMeya womkhandlu uMzunyathi Ald Petros Ngubane ucele wonke amaButho ukuthi aphelele eSandlane ngoMsobuluko ahlobe ngoba loMkhuleko uzobe uhanjelwe nayi silo samabandla uMisuzulu kaZwelithini wacela nazozonke izakhamuzi zase Mzinyathi ukuthi zikhuleke kanye namaButho.
AZOKHULEKELA UKUTHULA NOKUBULAWA KWABAHOLI AMABUTHO ESANDLANE