Isifundazwe saKwaZulu-Natal sikhiqize isibalo esiphezulu sabafundi abaphase ngoDistinction kuleli, sidlula iWestern Cape.
Lokhu kuvele embikweni wezobuchwepheshe owethulwe nguMqondisi-Jikelele wezeMfundo, uMnuz Mathanzima Mweli, ngoLwesine, othe lesi sifundazwe sithole amamaki aphezulu kwiTechnical Maths.
UMweli uthe ikilasi lango-2023 lineziqu eziphakeme kakhulu ze-bachelors kunayo yonke iminyaka, njengoba u 40% wabafundi kwabangu-900,000 ababhale bathola iDistinction.
Umbiko uveze ukuthi ngo-2012 ngesikhathi ikilasi lika-2023 liqala u-grade 1 babengu-1,208 973 kanti lesi sibalo sehle kakhulu safinyelela ku-740 566 ngonyaka odlule.
Ngaphandle kwalokhu, uMweli uthe ikilasi lika-2023 linenani eliphansi lokulova ngenani lika-3.4%. Iphinde yakhombisa ukuthi abafundi besifazane babenza kangcono kunabafundi besilisa.
UMweli uthe ngo-2005 izikole ezihlwempu zazibalelwa ku-20% wemiphumela futhi zifaka u-60% -80% wama-bachelor. Uthe lokho sekushintshile manje njengoba izikole zasemakhaya sezifake isandla ekuphaseni.
“Lokhu kusho ukuthi unama-bachelor ezindaweni zangakini… Kubafundi abangu-5,458 abanezidingo ezikhethekile ababhalise, abangu-5,288 babhale izivivinyo zabo, abangu-2,491 bathola ama-bachelor.”