Igile izimanga i-Indipendant Examination Board (i-IEB) okuyibhodi elibhekelele ukuhlolwa kwezikole ezizimele kuleli ezuze izinga lokuphasa lilonke lama-98.46% ezivivinyweni ezivivinyweni zikamatikuletsheni ka-2023. Izinga lokuphasa lingaphezudlwana kwezinga lokuphasa leNSC lango-2022 elingu-98.42%.
Esitatimendeni, ibhodi lithi bangu-88.59% abafundi abaphumelele ezifundweni zeziqu, uma kuqhathaniswa no-89.32% ngo-2022.
Isibalo salabo abafanele ukungena ezifundweni zeDiploma sinyukile sisuka ku-7.52% ngo-2022 safinyelela ku-8.31%, kanti isibalo sabaphumelele ukungenela izifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme siseku-1.57%.
Abafundi abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu nekhulu namashumi ayisishiyagalombili babhale izivivinyo ze-IEB ngo-Okthoba noNovemba.
“Lesi singaphezu kwabafundi abangu-12 580 abafunda ngokugcwele nabangu-945 abatoho, isibalo saba ngu-13 525 ngo-2022. I-IEB okokuqala ngqa ngo-2023.
Isikhulu esiphezulu se-IEB uConfidence Dikgole sithi kuyabajabulisa okuzuzwe yikilasi lika-2023 phezu kwezingqinamba ababhekane nazo endleleni. Abafundi bakamatikuletsheni bathinteke emabangeni adlule ngenxa yokuphazamiseka ngesikhathi sodlame lwe-coronavirus.
Uphinde wancoma ukuzimisela kwabafundi kanye nothisha bezikole ezizimele ngokusebenza kanzima njalo nje.
“Ukuphila kahle ngokwengqondo kuxhumene ngqo nengcindezi yomphakathi ebeka entsheni yethu ukuthi isebenze, ithole imiphumela ephezulu futhi ivikeleke ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lo mqhudelwano mkhulu, futhi lolu wudaba lomhlaba wonke, akugcini nje ngokwenzeka eNingizimu Afrika. Ucwaningo luphinde lukhombise ukuhlobana phakathi kokuzimela komfundi kanye nempilo yakhe yonke,” kusho uDikgole.
The issue around trucks that are causing tragedy since 2021 Nov by uPhongolo seems unattended,negative impacts gave escalated maybe amakhosi can help since politicians are mockering community across ?