Ibe impumelelo imashi ebise Mnambhithi osukwini lwanamuhla ebikade ihlelwe yinhlangano eyaziwa ngokuthi Ladysmith Civic Association, bebambisane namalunga omphakathi aku ward 20 okuyi ndawo yase Accaciavale Kanye no somabhizinisi bendawo.
Lemashi isukele Settlers Park nge hora leshumi ekuseni yagudla njalo ngo mgwaqo omkhulu Murchison belibhekise Town Hall, nalapho abafike bathula khona izikhalazo zabo.
Kuke kwaba nokuvungama maphakathi nawo lomgwaqo ngenkathi kuhlangana abafundi base Tvet college Kanye nabazali babo bonke bekhala isililo sika Nandi befuna izidingo zabo ngokuhlukahlukana kwazo njengoba abafundi nabo bebe funa okungokwabo kulabo abaqondene nabo.
Ukukukhela nje phezulu kwezinye zezinto ebebekhala ngazo lomphakathi obulibhekise ku Sodolobhu, ukushoda kwamanzi kulendawo kanjalo ne ndawo eyakhelene nazo ezifana no Zakheni, Steadville, Tsakane, njengoba bethi kuke kuphele izinsuku ezingamashumi amabili onke amanzi engakaze econse nakanye empompini, kumanje kuvulwa izikole bathi kuyoba isililo esifanayo imigwaqo emigodigodi, indle engahanjiswa ngendlela yakhona, ukucima kukagesi mihla namalanga kuyawuhlukumeza umphakathi wase mnambhithi.
Bathi manje sekwanele ukuhlukumezeka kwabo sekufike ekugcineni.
Okunye abakubalulile bafuna ukuthi ukushoda kwamanzi Kanye nokuhlaselwa kwezikhukhula kulelidolobha kuthathwe njenge zinto noma njenge ndawo ezikhahlazemekile nezidinga ukuba zihlonzwe kanjalo ngumyango wakhona.
Cllr ZJ Sibisi wakulelidolobha I Alfred Duma uyamukele lencwadi yezikhalazo wabonga umphakathi ngokuba undlulise ilaka lawo ngokuthula, wabe esethembisa ukuthi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa bazo phendula.