Abameli bowesifazane waseNorth West osolwa ngokubulala umndeni wakhe ukuze akhokhelwe umshwalense baphikile ukuthi lomsolwa angahle enze amanye amacala ngesikhathi engaphandle ngebheyili.
Abameli bakaSegomotsi Setshwatsho batshele iNkantolo yeMantshi yaseMmabatho ukuthi ikhasimende labo liyazi ukuthi liyaphenywa futhi kufanele linikezwe ibheyili.
uSegomotsi usolwa ngokubulala umshana wakhe ukuze akhokhelwe u-R3 million womshwalense. Kuthiwa wathathela abanye abashana bakhe ababili imishwalense ngaphandle kolwazi lwabo.
NgoMsombuluko, iNkantolo yeMantshi yaseMmabatho ilalele ukuthi icala eliphambi kwalo akulona elokuqala likaSetshwantsho ukungena kulenkantolo, njengoba ebhekene nelinye icala lokukhwabanisa eSetlagole, eNorth West.
UMbuso uthe ngenxa yobucayi bodaba oluphambi kwenkantolo futhi uma ucabangela ukuthi unemishwalense kwamanye amalungu omndeni wakhe, ukumdedela ngebheyili kungaba yingozi.
Nokho ummeli wakhe, uMnuz Nhlanhla Mahlangu, ukuphikile lokhu.
“Iklayenti lethu angeke lize lenze amanye amacala ngenxa yokuthi lithole ibheyili, uzobe eqashwe ngeso lokhozi futhi uzosayina emaphoyiseni nsuku zonke.”
Inkantolo izodinga ukuthi icubungule ngokuthi akhona yini amacala akhethekile agunyaza uSetshwantsho ibheyili ngaphambi kokuba ikhiphe isinqumo ngoLwesihlanu.