Uqalile unyaka lokhu kusho nokuqala kokufunda kwabantwana ezikoleni , umbuzo obukhona ngowokuthi ngabe sezikulungele na izikole ukuba zivulwe ngemuva kwezibhicongo ezidalwe yizikhukhula kuleli.
UMnyango wezemfundo kwaZulu-Natal usukhiphe isitatimende lapho uqinisekise ukuthi konke kumi ngomumo njengoba kulindeleke ukuba izikole zivulwe osukwini lakusasa.
Umnyango uthi zingu 59 izikole ezicekeleke ngenxa yezikhukhula kwizifunda eziyisishagalolunye kulezi ezilishumi nambili ezikhona kulesifundazwe kodwa bakwazile ukuqhamuka namasu ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuyaqhubeka njengoba behlinzeke ngamagumbi angomahamba nendlwana kwezinye zezikole.
Babalelwa ku 3000 othisha abaqashwe ngasekupheleni konyaka owedlule abazoqala ukufundisa njengoba kuzovulwa izikolenje. Umnyango ube isukuqinisekisa ukuthi nohlelo lokuphakelwa kwabantwana luhamba kahle njengalokhu osaplaya beqalile ukuthumela ukudla ezikoleni osukwini layizolo ukuze abantwana baphakelwe ngosuku lokuqala.