Kuminze umtwana wesikole oneminyaka engu 17 ubudala endaweni yaseMcitsheni Ezakheni eMnambithi.
Lomtwana, okuthiwa ubehamba nabanye abangani bakhe kanye noyedwa wakubo, banikele kuleli damu ngenhloso yokuyobhukuda njengoba ilanga likhipha umkhovu etsheni. Labantwana kuthiwa bafike edanyini besaba abanye ukungena, nokuthe lona yena wakhumula wangena. kuthe emva kwemizuzu embalwa bambona engasabonakali. Bazamile ukungena bamcinge labantwana kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Amaphoyisa nomndeni asefikile endaweni yesigameko.
May God have mercy bayafa abantwana bakho sihawkele🙏my condolences to all families 💔