Njengoba i-African National Congress (ANC) ilungiselela umgubho wokugubha iminyaka engu-112 yasungulwa ezinkundleni zemidlalo eMbombela eMpumalanga ngoMgqibelo, umengameli wayo, uCyril Ramaphosa usebalule ezinye zezinto ezibalulekile ezizovela esitatimendeni saleli qembu sangoJanuwari 8.
Lo mbuthano uwumcimbi wendabuko osetshenziswa yisigungu esiphezulu se-ANC (NEC) ukunikeza abaholi bayo kanye nezikhundla, umugqa wamashi yonyaka ozayo.
Iphinde isetshenziswe njengethuba lokulandisa ngenqubekelaphambili eyenziwe phezu kwezinto ezibalulekile ezibekwe onyakeni odlule.
Ekhuluma esidlweni sikamengameli sokuqoqwa kwezimali eMbombela ngoLwesihlanu ebusuku, uRamaphosa uthe inkulumo yakhe izothinta kakhulu inkinga kagesi, ukungalingani kanye nokuntuleka kwemisebenzi.
Lokhu akufani neze nezindaba akhulume ngazo esitatimendeni sangonyaka odlule sikaJanuwari 8.
URamaphosa uphinde wakhuluma ngesibindi, wathi unesiqiniseko sokuthi ukuphatha kwakhe kuzokuqeda ukunqanyulwa kukagesi.
Bobabili uRamaphosa noNobhala Jikelele wakhe uFikile Mbulaula bake basho lokhu phambilini, baze badalula nezinhlelo zokuqeda ukucinywa kukagesi ngoDisemba nyakenye.
Lokhu kungqubuzana nezibikezelo zika-Eskom kanye nochwepheshe abaningi bezamandla ezweni.
URamaphosa uveze ukuthi nakuba uhulumeni wakhe wenze imizamo yokwenza ngcono izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika, inhlangano isazimisele ukuletha ukulingana kwezomnotho.
“Ngokwesekwa yibo bonke abanombono we-ANC womphakathi wentando yeningi, onobulungiswa nolinganayo. Sizokwazi ukunika amandla umbutho wethu ukuze uqhubekisele phambili izinguquko ezibalulekile nezihlala njalo,” kusho uRamaphosa.
Selokhu angena esikhundleni esiphezulu, uRamaphosa wenze ukubhekana nokuntuleka kwemisebenzi kwaba ngenye yezinhloso zakhe ezinkulu, kodwa kuseyimpi eqhubekayo.
UMengameli we-ANC kulindeleke ukuthi akhulume neqembu lakhe emini kwabha ngoMgqibelo.