Ukhetho lalo nyaka luzokhipha umfana emadodeni. Amaqembu ezopolitiki aseqalile ethula imikhankaso yawo ezindaweni ezahlukene.
Kuzoba ingqopha mlando kumaspala weTheku njengoba uzosingatha izinkumbi zabalandeli bamaqembu ezepolitiki amakhulu kuleli aphikisayo.
i Economic Freedom Fighters (EFF) izothula umhlahlandlela wokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngomhlaka 10 February kulonyaka kanti umengameli we EFF uMnuz Julius Malema wamemezela ukuthi umhlahlandlela uzothulwa eMoses Mabhida stadium futhi bona njenge EFF bazoyigcwalisa njengoba benza e FNB stadium bebungaza iminyaka eyishumi leliqembu lasungulwa.
Kanti ngapha neNkatha Freedom Party IFP ithi izothula umhlahlandlela wayo e Moses Mabhida stadium ngomhlaka 10 March kulonyaka kwamemezela usihlalo wesifundazwe sakwaZulu Natal uMnuz Thami Ntuli emcimbini owawuhlelwe iqembu ukukhumbula impilo yomntwana wakwaPhindangene. uNtuli wathi bazoyi gcwalisa I Moses Mabhida stadium.