Licela usizo ikhehla laseZwelisha kwa Israel eBergville umkhulu uDumisani Mntambo oneminyaka engama- 80 emva kokuba angenelwa umphezulu ekhaya lakhe ngolwesithathu ntambama.
Umkhulu ubehlala endlini eyodwa kaRondo okuyiwona umphazulu ovele wadlalela kawo.
Usale dengwane umkhulu engena lutho ucela umuntu ongamulekelela ngokuthi amakhele indlu nje yokufihla Ikhanda ngoba amandla awesekho kumkhulu.
Ukhansela waku ward 9 e Bergville uSanele Buthelezi uthi uhlikihla izandla kumSamariya olungileyo ongakwazi ukulekelela umkhulu.