Imvula enamandla ebihambisana nesiphepho ishiye imindeni engama-80 yase Matiwane izikhotha amanxeba.
Lemvula ishiye umonakalo omkhulu njengoba amanzi angene agcwala izindlu kwagcina kumosheka impahla ngaphakhathi ezindlini.
Lemindeni namanje isazama ukukhipha impahla ngaphandle ibheke nokuthi izohlanganisani ukuze ilale idlile njengoba ukudla kuvele kwacwila emanzini.
Kanti okunye kumuke namanzi abegcwele ngaphakathi ezindlini.
Ukhansela wendawo uThobani Dlamini uthi kungokokuqala emlandweni waseMatiwane ukuthi kube nalesimo.
“Imifula Indaka noNcwembe igcwale yachitheka yaze yangenela emizini yabantu akukaze kwenzeke lokho,” kusho uDlamini.
Ukhansela ubonge kakhulu izinhlangano ezifana no Gift of the Givers, Al Imdaad Foundation,
Shoprite, kanye ne Soup kitchen ngokubalekelela namuhla ukuze abantu bathole okudliwayo nezimphahla zokugqoka nezingubo zokulala.
Uphinde wacela kuwo wonke umuntu ongakwazi ukuphosa esivivaneni ukuze kusizakale lemindeni ekhahlamezekile ukuba avele ngaphambili ukuze kuzosizakala abantu base Matiwane abashayekile ilemvula