UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkz Bongiwe Sithole-Moloi, uphinde wavakashela eMnambithi namuhla (Januwari 10) ngemuva kwenhlekelele yezikhukhula yakamuva.
Uhlangane nobuholi bukaMasipala wesiFunda uThukela (obuholwa yiMeya Inkosi u-NB Shabalala) kanye nobe-Alfred Duma Local Municipality (obuholwa yiMeya uZama Sibisi). Lomhlangano ubuhlose ukudingida ngodaba lwezikhukhula ezilokhu zishaya ibuya kulendawo yaseMnambithi zishiye nomonakalo.
Umhlangano ububanjelwe oThukela Disaster Management Centre.
Kulo mhlangano, bobabili omasipala banikeze imibiko ngomthelela wenhlekelele, okungenzeka ukuthi iyimbangela yayo kanye nezincomo zokunqanda ukuphindeka kwenhlekelele efanayo esikhathini esizayo.
UNgqongqoshe, ehlangene nethimba labo masipala bobabili, bebelokhubahambele e-Indoor Sports Complex, lapho kukhoseliswe khona abantu abangu-72 abangenamakhaya.
Babe sebedlulela erenki ekuQueen Street, ngaphambi kokuya eSt Chad, lapho ibhuloho eliphansi limuke khona ngenxa yezikhukhula.