Imvula egasele izolo ebusuku idale izikhukhula, amanzi agcwala phakathi edolobheni eMnambithi.
Umgwaqo uLyell street nokungomunye wemigwaqo ematasa kakhulu esetshenziswa izimoto ukungena nokuphuma edolobheni eMnambithi uphazamisekile kanye nerenke elikhulu elingase Boxer livaliwe. Amatekisi akhushulelwa ezindaweni ezahlukene edolobheni.
Abagibeli bezimoto zamabanga amade bacelwa ukuba babheke amatekisi ngase townhall, abanye ayatholakala ngase Spot On omdala.