OweyeyiMeya kamaspala I-Alfred Duma uMnumzane Vincent Madlala owaziwa njengesinye sezishoshovu zika Khongolose ubonakele emihlanganweni yeMK eyehlukene kulempelasonto. USishi uphinde wabonakala futhu nasemcimbini weMK obuse Newcastle izolo obuhanjelwe iloyo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
Lomcimbi ububanjelwe emaJuba College eMadadeni lapho uZuma ebekhuluma khona namalunga alaliqembu ewachazela inhloso yokuba khona koMkhonto Wesizwe Party.
uMadlala ubeyimeya e-Alfred Duma kusuka ngo 2016 kwaze kwaba ngu 2021, engena ezicathulweni zika Nkosazane Dudu Mazibuko.
uMadlala besekunesikhathi enyamalele kwezepolitiki selokhu aphuma ekubeni yiMeya njengoba esebonakala emihlanganweni ye MK.
Oyamaniswa neqembu leMK oThukela uMnumzane Nathi Mthethwa ukuqinisekisile ukuthi uMadlala ubonakele emicimbini yeqembu leMK. Kodwa akakazi kahle ukuthi usejoyinile yini ngoba kujoyinwa online.
Kanti uMadlala ethintwa yileliphepha uthe isitatimende esigcwele ngaloludaba sizophuma kuleli sonto.
Ngiyabonga kakhulu ungena kuleli khasi nokuthola izindaba ezihamba phambili
I Want to be a Member of the M K Party
I want to be a member of Mkhonto wesizwe party
Zuma can take this country foward
Amanda of the spire Amanda I am Anc Comrade but with the fake promises I now decided to joining MK immediately my that new party will make change into us at mhlabayalimgana we don’t have house,water and roads since the new government was ruling
I want to join MK