Uhulumeni waKwaZulu-Natal usumemezele izinhlelo zokusabalalisa izinsiza emindenini ekhahlanyezwe yisimo sezulu esingesihle ngobusuku obandulela uNcibijane.
Kushone abantu abathathu okuhlanganisa nengane eneminyaka eyisikhombisa eMgungundlovu naseMandini kulandela izimvula ezinamandla ezihlasele izingxenye zesifundazwe ngeSonto.
Lokhu kuza ngemuva kwezikhukhula ezibulale okungenani abantu abangu-22 eMnambithi ngosuku olwandulela uKhisimusi.
Okhulumela i-KZN Cogta, uMnuz Siboniso Mngadi, unxuse abaholi bomphakathi ukuthi balekelele ekuqwashiseni abantu ngobungozi obuhambisana nokuduma kwezulu.
“Amathimba ethu okubhekana nezinhlekelele aseyiqalile imizamo yokusiza imindeni ekhahlamezekile, futhi sizoqhubeka nokuhlola nokuxhumanisa neminyango efanele ukuze sinikeze usizo kulabo abaludingayo ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uMngadi.