INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isenezibonelelo eziwu-20 000 engazikayikhiphi kusukela ngo-2023.
Le nhlangano ithe lezi zibonelelo zisadinga imibono ezikhungweni ngaphambi kokuthi zithunyelwe kubafundi abathintekayo.
Ibhodi le-NSFAS libe nomhlangano ongaphezu kovamile ngeSonto ukudingida ezinye zezinto ezisasele, okuhlanganisa izibonelelo zabafundi, ukulungiswa kwesabelomali kanye nokulungiselela unyaka wokufunda wezi-2024.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo ePhakeme u-Ishmael Mnisi uthe lesi sikhungo sizimisele ukukhokha zonke izibonelelo ezisale ngonyaka owedlule, “I-NSFAS izimisele ngokuphothula zonke izimali ezisele zika-2023 zingakadluli mhla ziyi-15 kuMasingana wezi-2024, ngokuxoxisana nezikhungo ezithintekayo. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izibonelelo zemifundaze ka-2023 azibathinti abafundi ababuyayo ngonyaka wezifundo ka-2024.”