Abanjwe umphakathi endaweni yasePitas amadoda amabili asolakala ngokweba izimbuzi nezimvu maqede azilayishe ekhumbini njengabagibeli.
Lamadoda okusolakala ukuthi abeseziqedile izimbuzi zabantu ezindaweni ezakhele idolobha umnambithi. Isikhalo bese sisiningi ngalamasela ezindaweni ezifana naseTsakane, Ezakheni nakwezinye izindawo.
Imibiko ithi lalasela axhakathiswe ngamanye amalungu omphakathi ehamba ngalo itekisi ligcwele phama izimbuzi izolo. Umphakathi uthe “ukuxoxa xoxa” nawo lamasela maqede kwabizwa abakwasidlodlo.
Akukaziwa noma likhona yini icala elivuliwe ngaloludaba.