Imeya kamaspala iNdumeni uKhansela Siyabonga Ndlovu usekuqinisekisile ukuthi kuzoba nophenyo kubasebenzi bomkhandlu uma kuqala unyaka ozayo.
Lokhu kuza emva kwamahlebezi abethi lomkhandlu uhlele ukuphenya abasebenzi ukuthi iziqu abanazo ziyahambisana yini nemisebenzi abayenzayo noma izikhundla abakuzona.
UNdlovu uthi njengoba kungathi umkhandlu iNdumeni awubonakali kwintuthuko yomphakathi nje, yingoba abasebenzi bayadembesela ukwenza umsebenzi wabo yingakho ke bezoba naloluphenyo ukuthi ngabe umsebenzi wabo bayawazi yini. Uphinde waveza ukuthi ngeke kugcine nje ngokuthi kuphenywe ngeziqu kuphela, kodwa izikhulu zomkhandlu nabasebenzi bazophinde babhekwe ukuthi impilo abayiphilayo iyahambisana yini nomholo abawuholelwa umkhandlu.
Uthi nenkampani ezokwenza lomsebenzi isikhona sebelinde kuqale unyaka bayethule kumkhandlu wamakhansele ukuze izosheshe iqale ukusebenza. Uqhuba Uthi unyaka ozayo kuzoba unyaka wezinguquko nentuthuko kumaspala wase Ndumeni