Bawuhlukanise ngobumnyama unyaka abantu baseMbulwane naseTsakane emva kokuhamba kukagesi isikhathi eside kulezi zindawo ezingamalokishi asondelene nedolobha uMnambithi.
Kusukela ngesonto kusihlwa umphakathi wase Mbulwane, Tsakane Kanye ne Steadville ulale ungasenawo ugesi kulezi ndawo njo ngoba kuze kube imanje awukabuye kwenye inxenye yalezi ndawo.
Indawo yase Steadville iyona ebe senhlanhleni yokubuyelwa kuqala ugesi njengoba khona ubuye ngehora leshumi ekuseni izolo.
Sibe sesixoxa nekhansela lendawo yaku Ward 9 uMnumzane ngaloludaba, uJobe uthe baphezu kwalo ijoka lokubuyesela ugesi emphakathini njengoba beqale ebusuku ngo 12 kuthangi ukuzama ukubuyisela isimo kwesijwayelekile kodwa ngeshwa kwezinye izinxenye awukabuyi.
USithole uthi kunzinyana ukuhlonza ukuthi umonakalo ukuphi njengoba kubuye kube khona izintambo ezihamba ngaphansi komhlaba. Kodwa uthembise izakhamizi zakulendawo ukuthi basebenza kanzima ukubhekana nalesi simo.