Sebeqalile ukubonakala bephuma bengena ezitolo zokucima ukoma abathandi bobumnandi bakuleli njengoba belungiselela imigubho yokuqala konyaka omusha.
Mhlawumbe usuku lwangomhla ka31 kuZibandlela yilona suku olubungazwa kakhulu kuleli ngisho ukwedlula usuku lukaKhisimuzi imbala. njalo ngalolusuku kuyaye kubonakale iningi labantu lithutheleka ezindaweni ezidayisa iziphuzo futhi bezithenga ngobuningi bazo. Nakulonyaka akukho mehluko ngoba ezitolo eziningi ezidayisa utshwala, kubonakala sekunojenga olude abantu belinde ukungena ngaphakathi bezithengele okuphuzwayo.
Abathengi baseNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi basebenzise u-R150 billion ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi etshwaleni, , njengoba ukukhuphuka kwezindleko zokuphila kuqhubeka nokudla imali yabantu.
Lokhu kuvele kumbolekisi wemali wesikhashana uWonga, owenze ucwaningo oluchaza kabanzi ngendlela abantu baseNingizimu Afrika abasebenzisa ngayo imali ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Izitolo zotshwala ezifana noSpar Tops, Spot On nezinye zigcwele ziyanyimfika edolobheni eMnambithi nakwezinye izindawo ezisondelene nalelidolobha.