Kube nenjabulo kubathandi bezemidlalo beseGlencoe eSithembile namuhla emini umaspala wase Ndumeni uthula uhlelo lokulungiswa kwenkundla yezemidlalo yase Sithembile.
Umeya kamaspala wase Ndumeni ukhansela Siyabonga Ndlovu kanye nobuholi bomkhandlu wase Ndumeni bathule usonkontileka wendawo ozolungisa lenkundla yazemidlalo.
Lenkundla izodla umaspala imali engu 3 million futhi lomsebenzi uzothatha izinyanga ezinhlanu ukuze uphela. Umeya uveze ukuthi lomsebenzi uzohlomulisa abantu abayishumi nambili 12 base Sithembile ngamathuba omsebenzi.
Uphinde wafisela abahlali base Ndumeni unyaka omusha onezebusiso waphinde wacela umphakathi ukuthi uziphathe kahle uma sebebhiyozela ukungena onyakeni amusha.