Seqhathiwe wonke amaqembu asele angu 8 aseyazi ukuthi ubani unobani,nini, kuphi kanjalo nama semi final aseyaziwa ukuthi azoma Kanjani.
Amaqembu agcine elele endaweni yesibili kwi midlalo yamaqoqo iwona azoqala ukudlalela ngase khaya uma sekuqala imidlalo yama quater finals elindeleke ukuba iqale kulempelasonto yange 29 Kanye 30 bese kuthi imilenze yesibili idlale nge 5 Kanye 6 kwezokwethwasa.
Amasemi-final wona azodlalwa phakathi kwezi 19-20 imilenze yokuqala bese kuthi imilenze yesibili idlale 26-27 kwezokwethwasa.
Al Ahly iyona iziqhwanga zalendebe njengoba sebekwazile ukuthi bayinqobe amahlandla ayishumi nanye (11)futhi ibona abayivikelayo le ndebe.
TP Mazembe yona seyiyinqobe kahlanu (5)
Esperance amahlandla amane (4)
Bese kuthi Asec mimosas Kanye ne Sundown bona basayinqobe Kanye lendebe.
Petro Luanda yona igcine kuma semi final emnyakeni emibili eyendlule bese kuthi Simba yona seyihluleke yancama ukundlula kulesisigaba ekusona njengamanje njengoba seyashaywa amahlandla amathathu bese kugcina Young Africans yona iyaqala ukuhamba ize ifike lapho esikhona njengamanje.
Iqembu leMamelodi Sundown ilona elingompetha bendebe ebiqala ukudlalelwa nyakenya ehlanganisa amaqembu angu 8 ebizwa ngokuthi (eight club African football league) Kanti bagcina ukunqoba le ndebe ye champion league ngo 2016.
Ezika Rhulani zizoya laphaya ziyogadla ngesikwati esithi asifane nesebafana sesiqiniswe ngabadlali abaningi abaqhamuka e South America ukukha nje phezulu (Matias Esquivel) oseshaye amagoli amathathu kulemqhudelwano uqhamuka Argentina Kanye no (Junior Mendieta)
Marcelo Allende (Chile)
Kanye no Gaston Sirino (Uruguay)
AL ahly Kanye ne Petro de Luanda yibona abangakaze bethola isibhaxu selokhu uqalile Lomqhudelwano.
Ziqhathwe kanje
Young Africans(Tanzania ) vs Mamelodi Sundown (RSA)
TP MAZEMBE (DRC) vs petro Luanda(Angola)
Simba (Tanzania) vs Al Ahly (Egypt)
Esperance (Tunisia) vs Asec Mimosa.