I-Independent Electoral Commission (IEC) ikuqinisekisile ukuthi luyaqhubeka uphenyo mayelana nezimo eziholele ekuputshukeni kohlu lwabazongenela ukhetho oluzayo lwe-ANC neMK Party. loluhlu luhanjiswe yiqembu elibusayo kanye ne-MK Party ngoLwesihlanu ntambama – ngokuhambisana nomnqamulajuqu we-IEC wango-5pm.
Kodwa-ke, ngemuva kwamahora, uhlu lukazwelonke lwe-ANC ne-MK Party lwabangu-200 abazongenela ukhetho kanye nolunye lwezinhla zayo zezifundazwe kwaputshuka ezinkundleni zokuxhumana.
Engxoxweni abe nayo neSABC TV, iChief Electoral Officer kwa-IEC, uMasego Sheburi, uthe lusaqhubeka uhlelo lwangaphakathi ukuze kutholakale umsuka wokuputshuka kwawo.
“Izinkomba zokuqala ziwukuthi ukudalulwa okungagunyaziwe kunazo zonke izimpawu zemibiko ekhiqizwe ezinhlelweni zokuphatha zangaphakathi zekhomishana yokhetho ngakho-ke singacishe sikukhiphele ngaphandle ukwephulwa kwezokuphepha noma ukukholwa ukuthi lamalist avela ngaphandle. Sicabanga ukuthi ukudalula okungagunyaziwe kwenziwe ngomunye wamalungu ethu.”
USheburi wengeze ngokuthi i-IEC isibikele iziphathimandla ezifanele ukuze ziqhubeke nophenyo.
Lamaphepha manje asesidlangalaleni ahlanganisa imininingwane yomuntu siqu njengezinombolo zomazisi babantu abafakwe ohlwini lwe-ANC.
“IKhomishana igunyaze ukuthi kube nophenyo ukuze kuzanywe ukulandelela izimo okwadalulwa ngaphansi kwazo uhlu kanye nokuthi ngobani umuntu noma abantu abangase bakwazi ukukhipha lolu hlu.
“Siphinde sabika ukudalulwa okungagunyaziwe ku-Information Regulator njengoba kudingwa uMthetho Wokuvikela Ulwazi Lomuntu Siqu ngoba uhlu luqukethe ulwazi lomuntu siqu lwezihloko zedatha.”
Ukwengeza kulokho, i-IEC iphinde yathatha izinyathelo ezengeziwe ngoLwesihlanu ukuvimbela noma yikuphi ukuputshuka kohlu lokhetho.
“IKhomishana igunyaze ukuthi kube nophenyo ukuze kuqondwe izimo kanye nenhloso yokudalula lokhu ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele. Njengoba saze ngokuphulwa kwemithetho ebusuku, siphinde sanciphisa isibalo sabantu abakwazi ukufinyelela kuleyo mibiko, ngoba inombolo yayihlala ilinganiselwe. Kodwa saphinde sayinciphisa ukuze sivikeleke kunoma yikuphi okunye ukudalulwa okungagunyaziwe okwengeziwe.”